Maqondana neSigungu seziPhathimandla seziMayini semfundo ePhakeme lapha esibizwa nge- "MQA" yiSikhulu esiyiNhloko esiPhethe (CEO).
Isikhulu solwazi singadlulisa amandla noma umsebenzi esithweswe wona leso Sikhulu soLwazi ngokwaloMthetho siwedlulisele kwi-Phini leSikhulu soLwazi.
I-CEO kufanele ikhethe umuntu ozoba iPhini leSikhulu soLwazi ukuze enze ukuthi i-MQA itholakale noma ifinyeleleke kulabo abafuna ukufaka izicelo zolwazi zitholakale kulabo abacela amarekhodi. ISikhulu soLwazi yisona esingaqondisa silawule ngaphezulu kwePhini leSikhulu solwazi se- MQA.
Lowo ofaka isicelo ecela amarekhodi aqukethe ulwazi ngaye.
izimvo nemibono yomunye umuntu mayelana nesipho, indebe, umklomelo onikwe lowo muntu lapho kuvela khona izimvo noma imibono yomunye umuntu; kanye negama lalowo muntu lapho livela khona nolwazi lwakhe noma oluphathelene naye lowo muntu noma lapho ukudalulwa kwegama kuzoveza obala ulwazi ngomuntu osekuphele iminyaka engaphezele kama-20 afa/ashona.
Noma imuphi umuntu ofaka isicelo ecela amarekhodi e-MQA.
noma imuphi umuntu (kubalwa, noma kungelokhu kuphela), uhulumeni wamanye amazwe, inhlangano yomhlaba wonkana ngale kwalowo ofake isicelo kanti futhi ngokwenhloso yesigaba 34 saloMthetho, uma kukhulunywa ngegama "umuntu" ezindimeni (a) no (b) kufanele kuthathwe ngokuthi kukhulunywa "ngomuntu ophilayo".
Kushiwo iKhomishani yamaLungelo eSintu okukhulunywa ngayo esigabeni 181 (b) soMthethosisekelo.
Maqondana ne-MQA irekhodi kushiwo noma iluphi ulwazi oluqoshiwe noma ngayiphi indlela olusezandleni noma olungaphansi kwesandla sesikhungo sombuso noma simiswe yisona leso sikhungo sombuso.
Kushiwo noma iluphi usuku ngaphandle koMgqibelo, iSonto neholide, njengoba kuchaziwe esigabeni 1 soMthetho wamaHolide ka 1994 (uMthetho onguNombolo 36 ka 1994).
UMthetho wokuKhuthaza ukuthola ulwazi (PAIA), uMthetho ongunombolo 2 ka 2000 (lapha obizwa ngoMthetho) waqala ukusebenza ngomhlaka 2 kuNdasa ngo 2001, njengesisekelo sokubaluleka kokutholakala kolwazi ngumphakathi, ongenamfihlo, wentandoyeningi, noveza noma obeka konke obala. Lo Mthetho ufezekisa okoMthetho okukhulunywa ngakho esigabeni 32 soMqulu wamaLungelo eSintu woMthethosisekelo futhi kufanele uhunyushwe njengoMthetho ofezekisa ilungelo ngokomthethosisekelo.
a noma iluphi ulwazi oluphethwe umbuso;kanye b nanoma iluphi ulwazi oluphethwe ngomunye umuntu futhi oludingekayo ukuze kusetshenziswe noma iliphi ilungelo.
Kufanele kukhishwe uMthetho kazwelonke ukuze kusebenze leli lungelo futhi ungamisa imigoqo eyamukelekile ukunciphisa umthwalo wokuphatha nowezimali wombuso.
Ukuhlomisa ngolwazi nokufundisa bonke abantu ukuba baqonde amalungelo abo ngokwaloMthetho baqonde imisebenzi nokusebenza kwezikhungo zomphakathi nokuthi bahlolisise futhi babambe iqhaza kwinqubo yezikhungo zomphakathi yokuthatha izinqumo ezithinta amalungelo abo.
Uhlaka lweNhlangano oluphelele luyatholakala uma lucelwa.
Ukuqasha abasebenzi abadingekayo noma abenele abazoqhuba umsebenzi waso; kanye nokwenza noma imuphi umsebenzi esethweswe wona ngokoMthetho wokuThuthukiswa kwamaKhono kanye noMthetho weziNtela zokuThuthukiswa kwamaKhono noma ohambisana nezinhloso zalemithetho.
I-MQA inawo wonke amandla adingekayo ukuze ikwazi ukwenza imisebenzi yaso njengoba ibhalwe ngenhla kanye noma imaphi amandla esithweswe woma ngokoMthetho wokuThuthukiswa kwamakhono.
Umbono we -MQA ukuba nolwazi namakhono enele nafanele ukuze yelekelele umkhiqizo, ezempilo nezokuphepha kwabasebenzi kanye neziguquko kuloMkhakha wezeziMayini nezokuMbiwa.
Umsebenzi ophambili we- MQA ngukwenza-lula ukuthuthukiswa kwamakhono emkhakheni weziMayini nezokuMbiwa ngokoMthetho wokuThuthukiswa kwamakhono ka 1998.
Amalunga omphakathi angathola usizo ngehovisi lePhini leSikhulu soLwazi.
Zonke izicelo zamarekhodi kufanele ziqondiswe kwiPhini leSikhulu soLwazi kusetshenziswa ifomu elinqunyiwe. Ifomu elinqunyiwe uma seligcwaliswe ngokuphelele lingaposwa, lithunyelwe ngesikhahlamezi noma lithunyelwe ngekhompuyutha (e-mail) kwiPhini leSikhulu soLwazi kusetshenziswa imininingwane enikwe lapha ngenhla.
IPhini leSikhulu solwazi kufanele kuthi uma lithola isicelo solwazi lithathe isinqumo singakapheli isikhathi esiyizinsuku ezinga-30 ngokuthi lizonikezela yini ngalawo marekhodi aceliwe noma cha.
IPhini leSikhulu soLwazi okuthunyelwe kuso isicelo sokuthola amarekhodi lingangezelela noma lelule izinsuku ezingamashumi ama-30 okukhulunywa ngazo esigabeni 25 liseengezelele noma selulwe ngezinye izinsuku ezingama-30 uma isicelo kungesamarekhodi ayisibalo esikhulu noma uma kudingeka ukubonisana phakathi kwezihlaka ukuze kutholakale amarekhodi. Lowo ofake isicelo kufanele aziswe ngezizathu zokwengezelelwa kwesikhathi.
Uma isicelo samukelwe, iPhini leSikhulu soLwazi kufanele ngaphambi kokuba liqhube isicelo lazise lowo ofake isicelo ngemali ekhokhwayo ngokusho kwendima 10.4 yalencwanjana.
Uma kwenzeka iPhini leSikhulu soLwazi lithola isicelo okufanele sidingidwe isikhungo somphakathi, iPhini lesiKhulu soLwazi kufanele kuthi zingakapheli izinsuku eziyi-14 ledlulisele esikhungweni esiqondene leso sicelo bese lazisa lowo ofake isicelo ngalokho kwedluliswa.
Indlela yokubonisana yesekelelwa izihlaka zokuphatha ezisebenza kahle njengeBhodi, Ikomiti eliphethe (EXCO) kanye namanye amakomiti ehlukene.
Ukutholakala kwamarekhodi abhalwe lapha yilawo okufanele acelwe ngokusho koMthetho. Lamarekhodi angacelwa kwiPhini leSikhulu soLwazi ngokulandela inqubo yokufaka isicelo. Izinhlobo zamarekhodi zehlukanisiwe kukhona amarekhodi atholakala ngokushesha bese kuba khona amarekhodi atholakala ngokulandela inqubo yokufaka isicelo emiswe ngokoMthetho.
Isigaba 5 soMthetho sikubeka kucace ukuthi i-PAIA isebenza ngale kokunaka okushiwo eminye imithetho engavimbela noma ithiye ukudalulwa kolwazi nengahambisani nokuphokophelwe noma okuthile okushiwo yi- PAIA. Isigaba 55.
Amarekhodi abhalwe kuloluhla ayatholakala nje uma ecelwe ngale kokuba umuntu afake isicelo ngokoMthetho. Kungaxhunyanwa nePhini leSikhulu soLwazi ukuze kutholakale lamarekhodi, atholakala ukuze ahlolwe, athengwe noma kwenziwe imifanekiso uma sekukhokhwe imali emiswe endimeni 11.4 lapha ngezansi.
Lamarekhodi abhalwe lapha ngezansi atholakala ngokufaka isicelo ngokusho koMthetho. Lamarekhodi angacelwa kwiPhini leSikhulu soLwazi ngokulandela inqubo yokufaka isicelo.
Imali yesicelo imali emisiwe ekhokhwa kanye, imali enqunyiwe ngu R35,00. Lemali kufanele ikhokhwe ngaphambi kokuba kuqalwe ukubhekwa kwesicelo, futhi iPhini leSikhulu soLwazi kufanele libhalele lazise lowo ofake isicelo ukuthi kufanele akhokhe imali, ngaphandle uma lowo ofake isicelo ecela ulwazi ngaye qobo.
Imali yokunikwa ulwazi sekubalwa nemali yokwenza imifanekiso, ukuwafuna, ukuwalungisa, izindleko zokuposa uma kudingekile. Uma isikhathi sokuwalungisa singaphezulu kwamahora ayisithupha, kufanele lowo ofake isicelo akhokhe idiphozi eyingxenye yokuthathu yemali ekhokhwayo, ngaphandle uma kungumuntu ocela ulwazi ngaye, Uma isicelo sichithwa iPhini leSikhulu soLwazi, imali ekhokhelwe ukunikwa noma ukutholakala kufanele ibuyiselwe.
Imali enqunyiwe ifinyeziwe ngokuhambisana neNgxenye II yeSaziso sikaHulumneni esingunombolo (R187) esikhishwe ePhephabhukwini likaHulumeni lomhlaka 15 kuNhlolanja 2002.
Imali yokucela ekhokhwa ngumfakisicelo, ngale kwalowo ocela ulwazi ngaye ngokomthethonkambiso 7.
Isicelo esisodwa nje R35.
Umfanekiso waleNcwanjana ngokoMthethonkambiso 5C, ikhasi elingu-A4 R60.
Umfanekiso wombhalo ngamunye ngekhasi elingu-A4 R 0.
Izithombe ezibonakalayo ezingekhasi elingu-A4 usayizi noma ingxenye yalo R 22.
Umfanekiso wezithombe ezibonakalayo R60.
Ukubhalwa kwerekhodi eliqoshiwe ngekhasi elingu-A4 noma ingxenye yalokho R12.
Isicelo singachithwa futhi uma umfakisicelo engalandelanga inqubo ngemuva kokuba esazisiwe ngenhloso yokwenqatshwa kwesicelo sakhe yiPhini leSikhulu soLwazi.
UMthetho umisa izizathu lapho ukutholakala kwamarekhodi kungachithwa noma kwenqatshelwe. UMthetho ubuye umise ukutholakala kwamarekhodi uma lokho kuzokwenza kuzuze umphakathi ngokwesigaba 46.
Ngokwenhloso yalencwanjana, izizathu okungenqatshwa ngazo isicelo samarekhodi ezizibekwa lapha ngezansi.
Ukuvikela okuphoqelekile kwengasese lomunye umuntu okungumuntu ophilayo, njengokuthi uma ukudalulwa kuzombandakanya ukudalulwa okungalindelekile kolwazi ngalowo muntu qobo, kubalwa lapho nomuntu oseshonile.
Ukuvikelwa okuphoqelekile kolwazi oluyimfihlo lomunye umuntu Isigaba 371a.
Imigudu ekhona ukubhekana nesinqumo seSikhulu soLwazi noma iPhini leSikhulu soLwazi ngesicelo zokuthola ulwazi ukwedlulisela phambili isicelo ngaphakathi ngokwesigaba 74-77 noma ukufaka isicelo enkantolo ngokwesigaba 78-82. Ukufaka isicelo enkantolo kungenziwa kuphela ngemuva kokuba inqubo yokwedlulisela phambili isicelo ngaphakathi isiqediwe.
Ukwedlulisela phambili isicelo ngaphakathi" lokhu kusho ukudlulisela phambili isicelo ngaphakathi "kusiPhathimdanala esiOondene" ngokwesigaba 74 soMthetho. Uma sikhuluma nge-MQA kushiwo uNgqongqoshe wezeMisebenzi. Umfakisicelo, lowo ocela ulwazi ngaye noma umuntu okukhulunywa ngaye mayelana nesicelo sokuthola.
Indlela yokunikezwa noma ukukhonjiswa Isigaba 25 2 c.
Ukuze sedluliselwe phambili ngaphakathi isicelo, umfakisicelo , noma ocela ulwazi ngaye noma ofaka isicelo esikhundleni somunye kufanele agcwalise ifomu elinqunyiwe lokudlulisela phambili isicelo zingakapheli izinsuku ezingama-60 kusukela umfakisicelo azisiwe ngesinqumo.
Omunye umuntu, kufanele adlulisele phambili isicelo ngefomu enqunyiwe zingakapheli izinsuku ezinga-30 kusukela lowo muntu azisiwe ngesinqumo.
Ukwedlulisela phambili isicelo sesidlulile isikhathi esinqunyiwe kungabhekwa kuphela uma kuthunyelwe izizathu ezizwakalayo sokwedlullisela phambili isicelo sekwedlule isikhathi. Ukwazisa ngesinqumo ngokwesigaba 75 (a) (b) kuyonikwa IPhini leSikhulu soLwazi.
Ifomu egcwaliswe ngokuphelele kufanele isayidwe bese ithunyelwa kwiPhini leSikhulu soLwazi ngeposi, ngesikhahlamezi noma nge- e-mail.
Ifomu lokwedlulisa isicelo lixhunyelwe lapha Isijobelelo B.
Iphini leSikhulu soLwazi kufanele lithumele amaphepha okwedlulisela phambili isicelo kuSiPhathimandla esiQondene zingakapheli izinsuku eziyi-10 zokusebenza. Leso Siphathimandla esiQondene kufanele sazise abanye abantu abathintekayo ngokushesha, kodwa zingakapheli izinsuku ezingama-30 ngeposi ngesikhahlamezi noma nge-e-mail, ngemuva kokuthola amaphepha okudlulisela phambili isicelo afakwe ngumfakisicelo ephikisana nokuchithwa kwesicelo sakhe sokuthola ulwazi.
IsiPhathimandla esiQondene kufanele sazise umfakisicelo othintekayo zingakapheli izinsuku ezingama-30 ngeposi, ngesikhahlamezi noma nge e-mail ngemuva kokuthola amaphepha okudlulisela phambili isicelo komunye umuntu mayelana nokutholakala kolwazi. IsiPhathimandla esiQondene kufanele sithathe isinqumo zingakapheli izinsuku ezinga-30 ngemuva kokuthola lukhu kuvela kwiPhini leSikhulu soLwazi.
IsiPhathimandla esiQondene ngemuva kokubhekisisa amaphepha okwedlulisela phambili isicelo singanquma ukuqinisekisa isinqumo, noma sikhiphe esaso isinqumo esikhundleni saleso ebesenziwe. Ngokushesha ngemuva kokuba sekuthathwe isinqumo ngokwedlulisela phambili isicelo kufanele kubhalelwe kwaziswe lowo obedlulisele phambili isicelo ngesinqumo, nabo bonke abanye abantu abathintekayo kanye nomfakisicelo.
Uma IsiPhathimandla esiPhethe sehluleka ukunikeza isaziso ngesinqumo saso zingakapheli izinsuku ezingama-30 sifakiwe kufanele kuthathwe ngokuthi ukwedlulisela phambili isicelo kuchithiwe kanti umfakisicelo angafaka isicelo enkantolo ngokwesigaba 77.
amalunga evela ngaphandle, 1 kulabo abathintekayo, 1 umcwaningi- mabhuku wangaphakathi 1 umcwaningi-mabhuku wangaphandle.
